Kuligugu kimina njalo
[It’s with pride to me]
Ukwaz’ ukuthi nginomhlobo
[To know I have a friend]
Ongek’ angishiy’ um’ izinsuku zinzima
[Whom will never forsake me even in hard times]
Ohlal’ ekhona uma ngimdinga ngempela
[He’s always present when I really need Him]

Chorus:
Umhlobo onguJesu
[A friend Jesus]
Umhlobo onguJesu

Jesu ungumhlobo wangempela
[Jesus you’re a friend indeed]
Lapho abantu bengijikela
[When people turn their backs on me]
Izivunguvungu zizintlangothi zonke
[Troubles are all horns upon me]
Lapho izitha zibhodla
okwengenyama
[Where enemies roar like a lion]
Ziqond’ ukungigwinya
[On a mission to swallow me]

Uthembisile Jesu
[Jesus you promised]
Uyohlal’ unami njalo nje
[You’ll always be with me]

(Chorus)

Uphi umhlobo onjengaye?
[Where is a friend like him?]
Akajiki uhlal’ ekhona
[He doesn’t disappoint, ever-present]
Uthembekile unothando lwaphakade
[Trustworthy, everlasting love]
Thando lwakhe lujulile lubanzi
[His love is great and wide]

Uthembisile Jesu
Uyohlal’ unami njalo nje

(Chorus)

Song by Joyous Celebration Featuring Nhlanhla Zofo and Puleng March